Umlungu Omnyama (isiZulu translation of Coconut)
R240.00
Incwadi esihloko sithi Umlungu Omnyama inoveli yokuqala yalo mbhali kodwa eseyihlomule ngendondo, ikhuluma ngokukhula njengengane ensundu endaweni ebuswa abamhlophe nezimfundiso zabo. Ilandisa ngamantombazane amabili asemancane aphila ezindaweni zasesilungwini eGoli, efunda ezikoleni ezizimele zakobelungu enabangani abamhlophe. U-Ofilwe ovela ekhaya elinothile futhi okhula ephathiswe okweqanda ubekuthatha kalula konke lokhu akhule enakho kanti manje kufanele abhekane nomshophi wokukhula engenasisekelo samasiko, umhlaba aphila kuwona ubonakala ungenamongo futhi untengantenga. Ngakolunye uhlangothi sibona uFiks, oyintombazane ezithandela izinto futhi ezikhulumelayo, ungumuntu oshabashekela impumelelo
futhi olangazelele ukufulathela imuva lakhe elinesihluku aye empilweni yasedolobheni yobukhazikhazi, kodwa le mpilo entsha uyithola inzinyana futhi ingenasihe nokwehlukile kulokho abekulindele. Okulangazelelwe yilaba besifazane abasebancane ukuthuthuka nokuthandeka, kodwa okubaluleke kunakho konke ukuthola ukwamukeleka. Ukwamukeleka, empeleni, kutholakala ngokuba udele konke okukwenza ube umuntu omnyama – osamlungu kakhulu ukuba angahlala nabamnyama, futhi omnyama kakhulu ukuba angahlala nabamhlophe
Available on back-order
| Weight | 032 kg |
|---|---|
| Dimensions | 212 × 136 × 22 mm |
| Author | |
| Author Information |
Inoveli yokuqala kaKopano Matlwa esihloko sithi, Umlungu Omnyama, yahlomula ngeNdondo ye-2006/2007 European Union Literary Award, yaphinda yaba incwadi edayiswe kakhulu nenoveli eyingqophamlando eNingizimu Afrika, yaphinde yahlabana ngoMklomelo weWole Soyinka Prize for Literature e-Afrika ngonyaka wezi-2010. Amanoveli akhe alandela lapho kwaba esihloko sithi, Spilt Milk nethi Period Pain, nazo ezathola ukunconywa okukhulu kuzingqapheli zezincwadi, inoveli yakhe ethi Period Pain yafakwa ohlwini lwe-Sunday Times Fiction Prize. Incwadi kaKopano yakamuva esihloko sithi, Bosadi, ishicilelwe ngowezi-2025. Izincwadi zakhe sezihunyushelwe ezilimini cishe eziyishumi nambili. Uma engenzi umsebenzi wakhe wokubhala, uKopano usebenza njengodokotela emkhakheni wezempilo kahulumeni futhi unizikele kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu, |
| ISBN |
9781431436897 |
| Year of Publication | |
| Month of Publication | |
| Language | |
| Imprint | |
| Format |
Deliveries Within South Africa
Free shipping for all orders over R600.
R80.00 flat rate for all orders less than R600.
International Shipping
If you want your order shipped anywhere outside of South Africa, please email websiteorders@jacana.co.za with the list of titles and physical delivery address and contact number. Our team will be in touch to advise on the cost and when you could expect to receive it.
If you are ordering from a country outside of South Africa, please complete your purchase as directed. You will then be contacted by one of our admin team to arrange shipping and delivery to wherever needed.
December Holiday Season
Our last, full (24hr) trading day is 22 December 2020 and we’ll be back to work 6 January 2021. Any orders placed between 18 December 2020 and 5 January 2021 will only be despatched from the warehouse on our return.
