Umlungu Omnyama (isiZulu translation of Coconut)

R240.00

Incwadi esihloko sithi Umlungu Omnyama inoveli yokuqala yalo mbhali kodwa eseyihlomule ngendondo, ikhuluma ngokukhula njengengane ensundu endaweni ebuswa abamhlophe nezimfundiso zabo. Ilandisa ngamantombazane amabili asemancane aphila ezindaweni zasesilungwini eGoli, efunda ezikoleni ezizimele zakobelungu enabangani abamhlophe. U-Ofilwe ovela ekhaya elinothile futhi okhula ephathiswe okweqanda ubekuthatha kalula konke lokhu akhule enakho kanti manje kufanele abhekane nomshophi wokukhula engenasisekelo samasiko, umhlaba aphila kuwona ubonakala ungenamongo futhi untengantenga. Ngakolunye uhlangothi sibona uFiks, oyintombazane ezithandela izinto futhi ezikhulumelayo, ungumuntu oshabashekela impumelelo
futhi olangazelele ukufulathela imuva lakhe elinesihluku aye empilweni yasedolobheni yobukhazikhazi, kodwa le mpilo entsha uyithola inzinyana futhi ingenasihe nokwehlukile kulokho abekulindele. Okulangazelelwe yilaba besifazane abasebancane ukuthuthuka nokuthandeka, kodwa okubaluleke kunakho konke ukuthola ukwamukeleka. Ukwamukeleka, empeleni, kutholakala ngokuba udele konke okukwenza ube umuntu omnyama – osamlungu kakhulu ukuba angahlala nabamnyama, futhi omnyama kakhulu ukuba angahlala nabamhlophe

Available on back-order

Additional information
Weight 032 kg
Dimensions 212 × 136 × 22 mm
Author

Author Information

Inoveli yokuqala kaKopano Matlwa esihloko sithi, Umlungu Omnyama, yahlomula ngeNdondo ye-2006/2007 European Union Literary Award, yaphinda yaba incwadi edayiswe kakhulu nenoveli eyingqophamlando eNingizimu Afrika, yaphinde yahlabana ngoMklomelo weWole Soyinka Prize for Literature e-Afrika ngonyaka wezi-2010. Amanoveli akhe alandela lapho kwaba esihloko sithi, Spilt Milk nethi Period Pain, nazo ezathola ukunconywa okukhulu kuzingqapheli zezincwadi, inoveli yakhe ethi Period Pain yafakwa ohlwini lwe-Sunday Times Fiction Prize. Incwadi kaKopano yakamuva esihloko sithi, Bosadi, ishicilelwe ngowezi-2025. Izincwadi zakhe sezihunyushelwe ezilimini cishe eziyishumi nambili. Uma engenzi umsebenzi wakhe wokubhala, uKopano usebenza njengodokotela emkhakheni wezempilo kahulumeni futhi unizikele kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu,
ikakhulukazi abangenamathuba, bathola ithuba lokuphila ngokunempilo futhi baphile impilo ebagculisayo.
Uneziqu zezokwelapha azithola eNyuvesi yaseKapa, iziqu zeMaster’s ezifundweni zeGlobal Health Science kanye neDPhil (iPhD) ezifundweni zePopulation Health, zombili azithola eNyuvesi yase-Oxford, lapho ayefunda khona njengeRhodes Scholar. UKopano uhlala eGoli nomyeni wakhe kanye nabantwana babo abathathu.

ISBN

9781431436897

Year of Publication

Month of Publication

Language

Imprint

Format

Shipping & Delivery

Deliveries Within South Africa

Free shipping for all orders over R600.

R80.00 flat rate for all orders less than R600.

International Shipping

If you want your order shipped anywhere outside of South Africa, please email websiteorders@jacana.co.za with the list of titles and physical delivery address and contact number. Our team will be in touch to advise on the cost and when you could expect to receive it.

If you are ordering from a country outside of South Africa, please complete your purchase as directed. You will then be contacted by one of our admin team to arrange shipping and delivery to wherever needed.

December Holiday Season

Our last, full (24hr) trading day is 22 December 2020 and we’ll be back to work 6 January 2021.  Any orders placed between 18 December 2020 and 5 January 2021 will only be despatched from the warehouse on our return.